Archives

Okhulumela uShenge ubengakulungele ukuvalelisa

OBEKHULUMELA Inkosi Mangosuthu Buthelezi, uNksz Liezl Linda van der Merwe uthi ubengakulungele ukuvalelisa kuMntwana obefana noyise ngenxa yobudlelwano abebenabo.

UNksz Van der Merwe uxoxe kabanzi neSolezwe ekhumbula izikhathi zakhe noShenge. Uthe ubazi uShenge njengendoda enesibindi, ebilwa nokugula futhi ubengangabazi ukuthi uzosinda baphinde babonane.

“Kuzo zonke izikhathi ngimvakashela esibhedlela kodwa mhla ededelwa esibhedlela ngabona ukuthi uzophila. Bengithi ngizoke ngizinike isikhathi naye ngoSepthemba futhi bengithi uzobe esebuyele emsebenzini ngo-Okthoba noma uNovemba,’’ kuchaza uNksz Van der Merwe oyilungu lePhalamende le-IFP.

UShenge udlule emhlabeni ngezintatha ngoMgqibelo emzini wakhe KwaPhindangene, eMahlabathini. UNksz Van Der Merwe uthe kuhambe uyise, uthisha wakhe, iqhawe elenza umehluko omkhulu empilweni yakhe.

“Ngiyakhumbula ngangineminyaka engu-26 ubudala ngasuka eLondon ngizoqala umsebenzi ngiqashwe yikhokhasi ye-IFP ePhalamende eCape Town.

Emuva kwalokho ngahambela ingqungquthela eyayisoLundi lapho uShenge wangikhetha esixukwini waxoxa nami wazethula. Ngamangala indlela ayenothando ngayo, ngathinteka kakhulu,’’ kusho uNksz Van der Merwe

Uthe wayekade ejwayele ukufunda ngoShenge ezincwadini zomlando, okwathi uma behlangana kwaba wumzuzu wenjabulo kuyena. Uthe indlela uShenge abesebenza ngayo bekufanele bahlale belinde ucingo lwakhe ubusuku nemini.

“Indaba yosuku lwekhefu ibingekho kuyena. Eminyakeni engu-17 ngisebenza naye ubehlala ematasa. Uma usebenza naye bekufanele uzinikele ekutheni uzohlala uvovekile wukusebenza.

Uma kuyiwa phesheya, ngangize ngihambe kuqala kunaye ukuze ngifike ngithi ukuphumula,’’ kusho uNksz Van Der Merwe.

Uthe kodwa into abeyithanda ngoShenge wukuthi ubelalela izeluleko abemnika zona ngezokuxhumana. Uthe uShenge ubecela izeluleko ngezikhathi zobunzima.

“Ezinsukwini zokugcina uke wangithinta ngezindaba ezibalulekile, efuna ukukhipha isitatimende, ngameluleka ukuthi ngeke kulunge. Wangilalela wathi cha, ngeke esaqhubeka usezothatha iseluleko sami.”

Ubabaze amancoko abekuShenge, athe ubebuye abhuqe ngezigameko zasePhalamende bahleke baze babhuquze kube mnandi bebe besebenza.

Khethukuthula Sangweni

credit: https://www.isolezwe.co.za/izindaba/okhulumela-ushenge-ubengakulungele-ukuvalelisa-9d76d026-43fa-4b00-ae56-41d19b2df544

RELATED POSTS
IMG_0009
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
IN CASE YOU'VE MISSED IT
IMG_0009
Read More
Read More
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
Read More
Read More
UNGQONGQOSHE-weMfundo-ePhakeme-uDkt-Blade-Nzimande-Isithombe-SIGCINIWE
Read More