Archives

Siyenyuka isibalo sabashone emlilweni waseGoli

UYAQHUBEKA umsebenzi wokuqinisekisa ngabashe emlilweni webhilidi laseMarshalltown, eGoli njengoba izolo lishone sesinyukele kwabawu-77 isibalo sabashonile.

UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, uNkk Nomantu Nkomo Ralehoko, ugqugquzele abanezihlobo ebezihlala ebhilidini elibizwa ngokuthi Usindiso, eMarshalltown ukuthi baphathe omazisi nokunye okuzosiza abasebenzi bezempilo, ukuqinisekisa ukuthi ngempela bayizihlobo zabashonile.

Abashonelwe banezinsuku eziwu-30 ukuthi bayoqinisekisa ngezidumbu zabathandiweyo babo kwazise uma kudlula lezi zinsuku, umufi uyongcwantshwa njengomuntu ongenabani.

Kuvele ukuthi ziwu-62 izidumbu ezishe zangqongqa, okusho ukuthi ababonakali abashile.

Lezo zidumbu zizoqinisekiswa ngokuthi kuhlolwe abasola ukuthi ngezamalungu abo bese kubhekwa ukuthi bukhona yini ubuhlobo phakathi kwabo nezidumbu.

UNkk Nkomo Ralehoko, uthe basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokulungiswa kwezidumbu uyasheshiswa ukuze imindeni ithole abantu bayo, ikwazi ukubafihla ngesizotha.

Uveze ukuthi abefundisi nodokotela bengqondo beluleka amalungu emindeni ngokwengqondo ngaphandle kwamakhaza aseDiepkloof lapho kufakwe khona izidumbu zabashone emlilweni wangoLwesine.

Uhulumeni waseGauteng ukhiphe inamba engashayelwa ngabantu abafuna izihlobo zabo ewu-0800 203 886 noma 011 355 3048/011 241 5707.

Okwamanje ayikaziwa imbangela yomlilo kwazise amaphoyisa asaqhuba nophenyo lwawo ebhilidini elishile. Abantu kabavunyelwe ukungena ebhilidini kuze kube kuphothulwa uphenyo.

Abasindile bahlaliswe kwamanye amabhilidi aphephile lapho benikwa khona usizo lwesikhashana ngesikhathi besabhekelwa izindawo ezifanele.

Khonamanjalo kushone izingane ezimbili, eneminyaka emibi neneminyaka emihlanu, ngesikhathi kusha imijondolo ewu-44, eFleurhof, eGoli izolo.

UMnuz Robert Mulaudzi wabezimo eziphuthumayo eGoli, uthe kusolwa ukuthi umlilo udalwe yikhandlela ebelishiywe likhanya komunye wemijondolo.

Boniswa Mohale

Credit: https://www.isolezwe.co.za/izindaba/siyenyuka-isibalo-sabashone-emlilweni-wasegoli-3cc289ab-a24a-4fd4-bb82-bd60b0adf050

RELATED POSTS
IMG_0009
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
IN CASE YOU'VE MISSED IT
IMG_0009
Read More
Read More
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
Read More
Read More
Read More