UMNDENI womsunguli we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, unxuse ukuthi anikwe ithuba lokuthi alulame kahle ekhaya njengoba esededelwe esibhedlela emuva kokuhlala isikhathi esevile enyangeni elashwa.
Lo mndeni uthe uzomemezela uma uShenge esebuyela ezintweni abezenza.
Okhulumela umndeni, uDkt Bhekuyise Ngqengelele Buthelezi, uthe uShenge ululamela ngaphandle kwesibhedlela wathi bayajabula njengoba esededelwe esibhedlela.
Uthe okwamanje njengoba elulama ngeke abuyele emsebenzini.
“Sifuna ukukucacisa ukuthi ngeke akwazi ukuhlangana nabazoza KwaPhindangene noma emahhovisi ahlukene asebenzela kuwona. Sinxusa ukuthi anikwe ithuba ukuze alulame ngokugcwele. Sizokwenza isimemezelo uma esekhuza ibuya kweminye yemisebenzi yakhe.”
Ubonge ithimba lodokotela nabahlengikazi abebemhlenga okubalwa nethimba lakhe lezokuphepha ebelihlale limqaphile.
Umndeni ubonge abantu bakuleli nabaholi abehlukene ngemithandazo kanjalo nangemyalezo yokufisela lo mholi ukululama.
“Sithanda nokubonga ngokukhethekile iSilo uMisuZulu kaZwelithini, uMengameli Cyril Ramaphosa, ababengomengameli bezwe oMnuz Thabo Mbeki noKgalema Motlanthe. Sibonga nePhini likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile, uMbhishobhi waseSheshi uThabo Makgoba, umengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, kanjalo nawo wonke umndeni weNkatha.”
Umndeni uthe bekuyisikhathi esinzima kuwona njengoba egcine ededeliwe esibhedlela.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngeledlule uShenge ugubhe usuku lokuzalwa lweminyaka engu-95 esesibhedlela.
UShenge wangeniswa esibhedlela ngoJulayi, eyolashelwa izinhlungu ebese zimphathe isikhathi eside.
Kudingeke ukuthi ahlale isikhathi esithe xaxa esibhedlela emva kokuthi kube khona okungahambanga kahle ekwelashweni kwakhe.
UShenge oyinkosi yesizwe sakwaButhelezi, ungumholi wenguyazana ye-IFP ePhalamende, kanti ungelinye lamalungu asedonse isikhathi eside kwezombusazwe.
Mhlengi Shangase
Credit: https://www.isolezwe.co.za/izindaba/umndeni-kashenge-nesicelo-ezweni-8ba57029-9000-4185-8470-423b4be4dacc