ABAPHATHI benyuvesi yakuleli i-Unisa bathi abalwi noNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, kodwa abafuni kube nokuphazamiseka kokusebenza enyuvesi.
Basho lokhu emuva kokuba inkantolo enkulu yasePitoli ngoLwesithathu, iyalele uNzimande ukuthi ahoxise isinyathelo sakhe sokuqoka umlawuli ozimele ozothatha izintambo kulesi sikhungo.
Inkantolo ekhiphe lesi sinqumo izolo, ithole ukuthi isinqumo sikaNzimande sokuqoka umlawuli, asikho emthethweni.
Okhulumela inyuvesi uMnuz Tommy Huma, uthe bayasamukela isinqumo senkantolo esichitha isinyathelo sikaNgqongqoshe.
Uthe inkantolo iyalele uNzimande ukuthi ahoxise isinyathelo sakhe sokuqoka umlawuli, akwenze ngokushicilela emqulwini kahulumeni iGovernent Gazette yango-Okthoba 27, 2023.
“Siyahambisana nesinqumo senkantolo ngoba udaba lombiko womphenyi ozimele owajutshwa nguNzimande ukuphenya izinto kule nyuvesi, lusezithebeni zenkantolo futhi alukaphothulwa. Sinxusa abasebenzi nezitshudeni ukuthi kungaphazanyiswa okwenzeka enyuvesi.”
Uthe ukufunda kuyaqhubeka wathi abalwi noNzimande.
“Asilwi noNgqongqoshe kodwa asifuni kube nokuphazamiseka okungenasidingo Siyaqhubeka nokwenza esibekelwe khona siyinyuvesi.”
UNzimande wahlakaza isigungu sale nyuvesi ngokuqoka umlawuli uSolwazi Ihron Rensburg ukuthatha izintambo izinyanga ezingu-24, kusuka ngo-Okthoba 27, 2023.
Wahlakaza umkhandlu emuva kombiko kaSolwazi Themba Mosia, owathola ukuthi ziningi izinto ezingahambi kahle enyuvesi.
UMosia wakhala ngezinkinga ekulawulweni kwenyuvesi.
Mhlengi Shangase
credit: https://www.isolezwe.co.za/izindaba/unzimande-uyalelwe-ukuthi-ahoxise-umlawuli-e-unisa-31f70d2f-1312-4d52-93e4-9e4526bd457a