By Nobuhle L. Ngema
“Ngabe sengiba nomngani ongafuni ukusuka Kimi uyisinama unginamathele. noma kufika ukuthi ngimbalekele ngathi usuke engibona angilandele. Ngisho nasebusuku uke angivuse angixoxele indaba ngingayibizanga nami kufike ukuthi angisale sengixoxa naye ngoba kuyacaca ukuthi singamathe nolimi. Umngani wami liphepha nepeni…”
uKhayelihle Shange, okhonza kwa Shembe, ukholelwa ekutheni inkolo incike kakhulu esintwini. “Kudala uNomkhubulwane inkosazane yesivuno. Abantu babelima ngosuku olulodwa beqede futhi ngesikhathi esisodwa bese yena ededela imvula. Ngokufika kwabezizwe basijika sase sesikwenza ngamalanga ahlukahlukene.”
Uthi emthethweni owamiswa ngu Jehova wathi izinsuku eziyisithupha singazisebenza kodwa olwesikhombisa lusuku lokuphumula. uJehova yena qobo lwakhe wadala izulu nomhlaba izinsuku eziyisithupha kwathi ngosuku lwesikhombisa ( Sabatha) waphumula. Ngisho Emthethweni elishumi kukhona okuthi khona singasebenzi ngosuku lweSabatha kungabaswa kudunyiswe uNkulunkulu kuphela. Eksodus 35:1. And 20:8.
“UMenzi wezulu nomhlaba usuku aphumula ngalo iSabatha. Emthethweni elishumi uyaveza ukuthi usuku lweSabatha silungcwelise singabasi ngalo usuku lokudumisa yena kuphela. Lolu lusuku lapho uJehova asuke elalele ukukhala kwabantwana bakhe. Usuku lapho asuke ebeke indlebe ukwamkela intokozo yokuhlabelela kwabagcina lolusuku lwesikhombisa. Yingakho ke kungabwa kungaphekwa ngalo.”
Ngenkolelo yaka Khayelihle bekumele ngabe sidumisa uJehova ngosuku olulodwa. Ukuze ukukhala kwethu noma isililo sethu asheshe asizwe. “Manje asemaningi amalanga sekuze kukhona nenkulumo ethi uyalalela uJehova aphuze ukuphendula. Kudala thina sasithi mhlaba vuleka sizithukuse kuwe kube kanjalo.”
Baqgoka izingubo ezimhlophe ngokuya ngencwadi etholakala ku Sambulo 3 v 5 and 2 v 17.
“Kudala uma kukhona ohambileyo ekhaya kwakuzilwa ngesibopho noma utshani. Kulamalanga umuntu usenza lokhu akubona ukuthi noma abuka ukuthi kumfanele. Izinto eziningi azisalandelwa. Okunye kungenxa yamandla umuntu asuke enawo njengemali. Sebegqoka ngendlela abantu abathanda ngayo.Ofuna ezimnyama uyazifaka, eziluhlaza uyazifaka.”
Bakholelwa kuNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba. Iphasika bayahlangana nalo ngoba balandela umthetho kaMose ku Levitikhusi 23 v 4. “Kukhulunywa ngemikhosi kaJehova athi iyakumenyezelwa ngezikhathi zayo. Iphasika isidlo lapho amakholwa ahlangana khona emaye isidlo adumise uJehova.”
Bayakholelwa ekungagundini izinwele zabo ngenxa yokuthi uSamson ebhayibhelini wagundwa nguDilayila ikhanda ngoba esethengwe amafilisti ukuba enze kanjalo. uDilayila wamncenga waze washo imfihlo yakhe ukuthi isezinweleni. “Ngakho ke amandla endoda/ umuntu wesilisa asezinweleni. Ukungagundi akusikhona okwethu kodwa nasendulo kwakukhona. Uma uzobona amakhosi afana noSamson nangendlela ayekhaliphe ngakhona. Ubuhlakani ayenabo indlela ayezilungisa khona izinto kwakuchaza noma kusho ukuthi uJehova useduze kwakhe.”
Uyatholakala kule nombolo: 073 563 0762