Archives

UZoleka Mandela ubonga imikhuleko nokwesekwa

UBONGA ukwesekwa yizakhamuzi zakuleli kanjalo nangabantu bakwamanye amazwe uZoleka Mandela, ongumzukulu waloyo owayengumengameli wakuleli. Le ntokazi ilashelwa umdlavuza.

UZoleka Mandela, umbhali wencwadi ubonga imikhuleko ayithola kubantu abahlukene njengoba eqale uhambo lokulwa nesifo somdlavuza ngokusebenzisa, ichemotherapy.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMeyi, uZoleka wadalula ukuthi uzoqala ichemotherapy ngemva kokudlanga komdlavuza webele, abelokhu ebhekene nawo eminyakeni edlule.

Abantu bakhombise ukumeseka ezinkundleni zokuxhumana futhi abanye babanovalo uma engasabazisi ngohambo lwakhe. Muva nje, uZoleka uqophe amavidiyo amveza emuhle emamatheka, lokho kuthokozise abantu uma bembona ukuthi uyalulama esimeni abhekene naso ngoba k ichemotherapy isebenza ngezindlela ezingafani kubantu.

“Uma sesibhala izincwadi ngabesifazane abanamandla nakanjani solichoma phezulu igama lakho kulolu hlu. Siyabonga ngobuwena nokuba yisibonelo esihle nangesikhathi sezovunguvungu,” kusho u-Anna Jacquelynn.

“Ngendlela esikhathazeka ngayo uma singasakuboni,” kubalisa uThembisak ephelezela umbhalo wakhe ngezinhliziyo ezikhombisa uthando.

“Ngendlela olokhu usengqondweni yami kusukela izolo, kuhle ukukubona Zo,” kusho uZakithi Duma, nenhliziyo ngaphezulu.

“Usufana nomama uWinnie umuhle, wina Zee omuhle,” kusho Lebo Phofu.

Emasontweni amabili edlule uZoleka ukewanameka isithombe ekhumbula umkhulu wakhe ongasekho emhlabeni uDkt Nelson Mandela, emfisela usuku oluhle lokuzalwa. Akakhohlwanga ngunina naye ongasekho emhlabeni, wabhala nomkhuleko omude emcelela ukuphumula ngokuthula.

Emasontweni amahlanu edlule, wayekhumbule indodana yakhe eyashona nokuyingane yesithathu uZenawe Zibuyile Mandela, obezohlanganisa iminyaka ewu-12 kulo nyaka.

By Bongiwe Zuma

Taken From: https://www.isolezwe.co.za/izindaba/uzoleka-mandela-ubonga-imikhuleko-nokwesekwa-a83b8c92-0762-4d0f-a30d-8c292eaac037

RELATED POSTS
IMG_0009
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
IN CASE YOU'VE MISSED IT
IMG_0009
Read More
Read More
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
Read More
Read More
UNGQONGQOSHE-weMfundo-ePhakeme-uDkt-Blade-Nzimande-Isithombe-SIGCINIWE
Read More